Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:10 - IsiZulu 2020

10 Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; bacwila emanzini anamandla njengomthofu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:10
16 Referans Kwoze  

USimakade uyoqalekisa itheku lolwandle leGibhithe, anyakazise isandla sakhe phezu komfula awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe, awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa, ongayiwela uhamba ngezinyawo.


nalokho akwenza empini yaseGibhithe, emahhashini abo, nasezinqoleni zabo zempi, lapho enza amanzi oLwandle Lomhlanga ukuba abaminzise ngesikhathi benixosha. USimakade wababhubhisa kuze kube namuhla.


Utwa lwabasibekela; bashona ezinzulwini njengetshe.


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, uSimakade walududula ulwandle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, ulwandle waluphendula lwaba wumhlabathi owomileyo, amanzi ehlukana.


Abantu bamangala, bathi: “Unhloboni lo muntu olalelwa umoya nolwandle na?”


Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.


Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.


Usho ngezwi, kuncibilike; wenza umoya uphephethe, amanzi ageleze.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?


Bayakumemeza lapho, bathi: ‘UFaro inkosi yaseGibhithe ungumsindo nje omkhulu, uliyekile ithuba lakhe.’


Amabutho empi ahlakazeka agcwala iziganga, ihlathi lawaqeda amaningi, kunalawo adliwa yinkemba ngalolo lusuku.


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite