Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:1 - IsiZulu 2020

1 UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UMozisi labantwana bakoIsrayeli basebehlabela lelihubo ekudumiseni iN, bakhuluma bathi: Ngizahlabelela iNKOSI, ngoba uphakeme kakhulu; Waphonsa ihhashi nomgibeli walo olwandle.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:1
27 Referans Kwoze  

Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


UMiriyamu wahlabelela wathi: “Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”


Base bewakholwa amazwi akhe, bahlabelela ngodumo lwakhe.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela esimweni salo entathakusa. AbaseGibhithe babaleka, kodwa uSimakade wabaphonsa phakathi kolwandle abaseGibhithe.


U-Israyeli wayesehlabelela leli culo elithi: “Mpompoza, mthombo! Hlabelelani ngawo!


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe abahlabelela ngayo abantu.


Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo.


Wayesebakhipha abantu bakhe bethokozile, abakhethiweyo bakhe bahuba ngokwethaba.


Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.


Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


ngawe ngiphahlaze ihhashi nomgibeli walo, ngawe ngiphahlaze inqola nogibele kuyo,


nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.


USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle, ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, naphezu kwezinqola zabo zempi, naphezu kwabagibele amahhashi.”


Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na?


“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe, abasayukukhunjulwa ngamagama abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite