Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:7 - IsiZulu 2020

7 wathatha izinqola ezikhethiweyo ezingama-600, nazo zonke ezinye izinqola zempi zaseGibhithe, nezinduna zempi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha zekhethelo kanye nazo zonke izinqola zaseGibhithe nezinduna phezu kwazo zonke.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:7
11 Referans Kwoze  

Izinqola zikaFaro nempi yakhe ukuphonse olwandle; izikhulu zakhe ezikhethekileyo uziminzise oLwandle Lomhlanga.


Ngesandla sezinceku zakho uyidelelile iNkosi, wathi: ‘Ngezinqola zami eziningi ngenyukele phezulu ezintabeni, kuze kube semikhawulweni yeLebhanoni; ngagawulela phansi imisedari yalo emide, nemisayiphuresi yalo ekhethekileyo, ngafinyelela emajukujukwini ekuphakameni kwalo, nasesijwini sehlathi elicinene.


Izinqola zempi zikaNkulunkulu ezinamandla eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane ngezinkulungwane iNkosi iphakathi kwazo, iSinayi isendaweni engcwele.


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


USimakade wamehlula ngenkemba uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi namabutho akhe phambi kukaBharaki, uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


AbaseGibhithe ababebaxosha bangena olwandle, amahhashi wonke kaFaro, nezinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


Wabophela inqola yakhe yempi, wahamba nabantu bakhe;


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


Kwakhuphuka ngisho namabutho agibele izinqola zempi, nagibele amahhashi, kwaba yisixuku esikhulu kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite