Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:30 - IsiZulu 2020

30 Ngalolo lusuku uSimakade wabasindisa abakwa-Israyeli esandleni sabaseGibhithe; abakwa-Israyeli babona izidumbu zabaseGibhithe ogwini lolwandle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku esandleni sabaseGibhithe; u-Israyeli wabona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:30
17 Referans Kwoze  

Wabasindisa esandleni sababazondayo, wabakhulula esandleni sesitha.


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


Kepha ngithanda ukunikhumbuza, nanxa nikwazi konke lokhu ukuthi iNkosi isisikhululile isizwe eGibhithe, emveni kwalokho yabhubhisa labo abangakholwanga.


Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,


UNkulunkulu wami uzongihlangabeza ngomusa wakhe; uNkulunkulu uzongibonisa izitha zami zinqotshwa.


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa.


USimakade wamsindisa kanjalo uHezekiya nezakhamuzi zaseJerusalema esandleni sikaSenaheribhi, inkosi yase-Asiriya, nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”


Wathi: “Ngempela bangabantu bami, abantwana abangenankohliso;” waba nguMsindisi wabo,


Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: uphi lowo owabakhipha olwandle nabelusi bomhlambi wakhe na? Uphi lowo owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,


USimakade wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Anginihlenganga yini kwabaseGibhithe, nabakwa-Amori, nabakwa-Amoni, nakumaFilisti, na?


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite