Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:28 - IsiZulu 2020

28 Amanzi abuyela amboza izinqola zempi, nabagibele amahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyayibalandela; baminza olwandle, akwaze kwasala namunye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Amanzi abuya, asibekela izinqola, nabamahhashi, nempi yonke kaFaro eyangena elwandle emva kwawo; akwasala ngisho noyedwa kubo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:28
16 Referans Kwoze  

Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela


owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


UJuda efika embonisweni ehlane, waphenduka wabuka ngalapho kwakunesixuku khona; bheka, kwakulele izigingqane zezidumbu zidindilize phansi, kungekho noyedwa ophunyukile.


nalokho akwenza empini yaseGibhithe, emahhashini abo, nasezinqoleni zabo zempi, lapho enza amanzi oLwandle Lomhlanga ukuba abaminzise ngesikhathi benixosha. USimakade wababhubhisa kuze kube namuhla.


Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Kwathi ukuba amahhashi kaFaro, nezinqola zempi yakhe, nabagibele amahhashi bangene olwandle, uSimakade wawabuyisela phezu kwabo amanzi olwandle, kodwa abantu bakwa-Israyeli badabula behamba emhlabathini owomileyo.


UBharaki waxosha amabutho agibele ezinqoleni nahamba ngezinyawo kwaze kwaba seHaroshethi labezizwe. Yonke impi kaSisera yafa ngenkemba, akwasala namunye.


Amanzi akhula anda emhlabeni; umkhumbi wantanta phezu kwamanzi.


Kwakhuphuka ngisho namabutho agibele izinqola zempi, nagibele amahhashi, kwaba yisixuku esikhulu kakhulu.


izimangaliso ezweni lika-Hamu, nokwesabekayo ngasoLwandle Lomhlanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite