Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:24 - IsiZulu 2020

24 Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Futhi kwenzeka ukuthi ngomlindo wokusa iNkosi yabheka phakathi kwensika yomlilo nefu ebuthweni labaseGibhithe, futhi impi yamaGibhithe yanqotshwa.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:24
16 Referans Kwoze  

Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini.


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


Ayibona intaba iZiyoni, amangala, ashaywa wuvalo, aphaphatheka,


Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Bayafa ngokuphazima kweso, phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale, amaqhawe ayasuswa, kepha hhayi ngesandla somuntu.


Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.


Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angehlulela yini engale kwesigayegaye na?


Ngakusasa uSawule wabahlela abantu wabamisa izigaba ezintathu. Bangena enkanjini yakwa-Amoni ekuthatheni kokusa, babulala abakwa-Amoni laze laphakama ilanga. Abasalayo basakazeka bagcwala iziganga, akusalanga kubo ababili bendawonye.


Emini wabahola ngefu, ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo.


Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku.


Noma bangathunjwa yizitha zabo, nakhona lapho ngiyakujuba inkemba ukuba ibabhuqabhuqe, iso lami liyakuthi njo kubo, kube kubi, kungabi kuhle.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite