Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:21 - IsiZulu 2020

21 UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, uSimakade walududula ulwandle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, ulwandle waluphendula lwaba wumhlabathi owomileyo, amanzi ehlukana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wabangela ukuba ulwandle luhlehle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, womisa ulwandle, amanzi ahlukana.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:21
30 Referans Kwoze  

owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owehlukanisa amanzi phambi kwabo, ukuba azenzele igama eliphakade;


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.


Ulwandle uluphendule umhlaba owomileyo; bawela umfula behamba ngezinyawo; sathokoza kuye lapho.


Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asotweni, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na?


Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo, amanzi wawamisa anjengodonga.


NguWena owehlukanisa ulwandle ngamandla akho, waphohloza amakhanda ezilo zasemanzini ezesabekayo.


Ulwandle waludabula kabili ukuze bawele behamba emhlabathini owomileyo, kodwa ababehubha u-Israyeli wabaphonsa ekujuleni, bazika njengetshe emanzini anamandla.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu wayewomisile amanzi eJordani phambi kwethu saze sawela sonke, njengalokhu ayenzile kulo uLwandle Lomhlanga alomisa phambi kwethu saze sawela sonke,’


owehlukanisa kabili uLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo.


NginguSimakade uNkulunkulu wakho, onyakazisa ulwandle, amagagasi alo ahlokome; nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.


Unyakazise ulwandle ngamandla akhe; ngokuqonda kwakhe wambhubhisa uRahabi.


Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.


UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ”


Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke.


Ngokuba sizwile ukuthi uSimakade wawomisa kanjani amanzi oLwandle Lomhlanga phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe, nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni no-Ogi enababhubhisa bashabalala.


Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.


U-Eliya wathatha isembatho sakhe, wasisonga, washaya amanzi, ehlukana ngapha nangapha, bawela iJordani bobabili, behamba emhlabathini owomileyo.


Isandla sakhe uselulele phezu kolwandle, wazamazamisa imibuso, uSimakade uyaleze ngeKhanani ukuba kudilizwe izinqaba zalo.


Usho kanje uSimakade odala indlela olwandle, nomkhondo emanzini anamandla,


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


owabadabulisa olwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki na?


Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na? Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula noma intukuthelo yakho nolwandle, ukuba ugibele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?


Iphi indlela eya lapho ukukhanya kuhlakazwa khona, nalapho umoya wasempumalanga uhlakazekela khona emhlabeni na?


nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,


Oshoyo kuwo umsinga, athi: ‘Yisha, ngiyayomisa imifula yakho;’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite