Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:20 - IsiZulu 2020

20 Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Yangena phakathi kwempi yabaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; futhi laliyifu nobumnyama kubo, kodwa lalibakhanyisela ebusuku, ukuze omunye angafiki komunye ubusuku bonke.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:20
9 Referans Kwoze  

Uyakuba yisiphephelo, futhi abe yitshe lokuqhuzuka, nedwala lokukhubekisa kuzo izindlu zombili zakwa-Israyeli; abe lugibe nesihibe kwabakhileyo eJerusalema.


Uzisonge ngobumnyama, wazemboza ngemvula yamafu amnyama bhuqe!


Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo.


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, uSimakade walududula ulwandle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, ulwandle waluphendula lwaba wumhlabathi owomileyo, amanzi ehlukana.


Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite