Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:19 - IsiZulu 2020

19 Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka-Israyeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ingelosi kaNkulunkulu eyaphuma phambi kwempi yakwa-Israyeli yasuka, yabalandela; insika yefu yasuka phambi kwawo, yema emva kwawo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:19
14 Referans Kwoze  

kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.


Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.


Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke.


Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa, nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane, ukulunga kwakho kuyokukwendulela, inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.


USimakade wakhuphula u-Israyeli eGibhithe ngomphrofethi, wamlondoloza ngomphrofethi.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite