Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:13
36 Referans Kwoze  

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”


wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu.


Ngalolo lusuku uSimakade wabasindisa abakwa-Israyeli esandleni sabaseGibhithe; abakwa-Israyeli babona izidumbu zabaseGibhithe ogwini lolwandle.


Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”


Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi: “Yimani isibindi, ningesabi, bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngempindiselo, impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”


Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.


Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza umholi endlini yababi, umhlubule kusukela phansi kuze kube sentanyeni. Sela


Mina, Mina nginguSimakade, ngaphandle kwami akekho uMsindisi.


athi kubo: ‘Yizwa, Israyeli! Namuhla nisondela empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningabi natwetwe phambi kwazo.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.


“Wakubona ukuhlupheka kokhokho bethu eGibhithe nasoLwandle Lomhlanga, wakuzwa ukunxusa kwabo.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.


Ngokuba yasho njalo iNkosi uSimakade oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Lapho niphenduka niphumula, niyakusindiswa, amandla enu abe sekuthuleni nasekwethembeni, kepha anithandanga.


Bama phakathi nesiqinti sezwe, basivikela, bawabulala amaFilisti. USimakade wabasindisa ngokusindisa okukhulu.


Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na? Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula noma intukuthelo yakho nolwandle, ukuba ugibele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.”


USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”


“Ngalokho-ke yimani, nibone lesi simangaliso esikhulu uSimakade azosenza phambi kwamehlo enu.


Ubothi kuye: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, ungadangali enhliziyweni yakho ngenxa yalezi ziphunzi zezikhuni ezimbili ezithunqayo, nangokuvutha kolaka lukaRezini ne-Aramu, nolwendodana kaRemaliya.


Ngalobo busuku, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abhrahama uyihlo. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngizakukubusisa, ngenze isizukulwane sakho sibe siningi kakhulu ngenxa ka-Abhrahama inceku yami.”


Kepha uNkulunkulu uzophohloza amakhanda ezitha zakhe, ukhakhayi lwalowo onesihluthu ohamba ezindleleni zokona kwakhe.


Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo.


Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite