Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:3 - IsiZulu 2020

3 UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wayesethi uMose kubantu: “Khumbulani lolu suku ekuphumeni kwenu eGibithe, endlini yobugqila; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo; akungadliwa isinkwa esivutshelweyo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:3
58 Referans Kwoze  

kepha uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga lapho; ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.


“ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


kodwa uqaphele ukuba ungakhohlwa nguSimakade owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, ngalokho ngiyakuyala ukuba wenze lokhu.”


Kwakungubusuku bomlindo uSimakade abakhipha ngabo eGibhithe. Ngalobo busuku abakwa-Israyeli bayogcina umlindelo kaSimakade izizukulwane ngezizukulwane.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


“Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.


Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.


Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, nezibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


yabonga, yasihlephula, yathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; kwenzeni lokhu ukuba ningikhumbule.”


Ngakho-ke asiwugubhe umkhosi, hhayi ngemvubelo endala yokonakala nobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobumsulwa neqiniso.


Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”


Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, izibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


Kuyothi lapho ningena kulelo khaya, nibingelele.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo, bese eza akhuleke kule ndlu,


Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe, indlu kaJakobe iphuma kubantu ababekhuluma olunye ulimi,


owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade,


Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.


“Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’


“Uma umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho ocamela esifubeni sakho, noma umngani wakho eningamathe nolimi naye ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’ nina nokhokho benu,


Wonke u-Israyeli uyakuzwa, esabe, angaphinde enze ububi obunjengalobo obuphakathi kwenu.


“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.


USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.


bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade.


uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;


“Bayizinceku zakho nabantu bakho owabophula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.


Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho.


ngesandla esinamandla nangezikhwepha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nokhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, endlini yobugqila, ngathi:


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho eGibhithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite