Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:21 - IsiZulu 2020

21 Emini uSimakade wayehamba phambi kwabo ngensika yefu ukubakhombisa indlela, kuthi ebusuku ahambe phambi kwabo ngensika yomlilo ukuze abakhanyisele, bahambe ubusuku nemini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu eyobahola endleleni, nasebusuku ngensika yomlilo eyobakhanyisela ukuba bahambe imini nobusuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova wahamba phambi kwabo emini ngensika yefu ukubahola endleleni; nasensikeni yomlilo ebusuku ukubakhanyisela; ukuhamba imini nobusuku:

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:21
21 Referans Kwoze  

Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


Wakhuluma kubo esensikeni yefu, bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.


owayehamba phambi kwenu endleleni enifunela indawo yokuba nikanise kuyo. Ebusuku wayenibonisa ngomlilo indlela enizohamba ngayo, nangefu emini.


Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokubakhanyisela ebusuku.


Emini wabahola ngefu, ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo.


“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


Ifu likaSimakade laliphezu kwabo emini, lapho besuka enkanjini.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


USimakade nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayukukulahla, akushiye; ungesabi, ungashaywa luvalo.”


Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane,


Abantu bakho wabahola njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


Ngubani lowaya oqhamuka ehlane, onjengesikhatha sentuthu, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo wonke amakha omthengisi na?


Wayesethi kubo: “USimakade makabe nani-ke, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu: sekuyacaca ukuthi kukhona okubi enikuhlosile.


Lapho abantu bebona ukuthi uMose usephuzile ukwehla entabeni, babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Woza, usenzele onkulunkulu abazohamba phambi kwethu, ngokuba lo Mose, umuntu owasikhipha eGibhithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite