Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:2 - IsiZulu 2020

2 “Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:2
19 Referans Kwoze  

njengalokhu kulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwehlukaniselwe iNkosi,


Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”


“Wonke amazibulo amaduna ayozalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho uyowangcwelisela uSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, awuyukuligunda izibulo lezimvu zakho.


Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo.


“ ‘Amazibulo ezilwane, njengamazibulo angakaSimakade, awanakungcweliswa muntu; noma ngabe eliyinkabi noma eliyimvu, angakaSimakade.


Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uSimakade: “U-Israyeli uyizibulo lami,


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


USimakade wakhuluma kuMose wathi:


“Mina ngibakhiphile abaLevi phakathi kwabantu bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo wonke avula isibeletho kubantu bakwa-Israyeli; abaLevi bayokuba ngabami.


Siyoletha kubaphristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu, amazibulo amadodana ethu, awemfuyo yethu, njengoba kulotshiwe emthethweni, amazibulo emihlambi yethu, nawezimvu zethu.


“ ‘ “Wathatha amadodana namadodakazi akho owawungizalele wona, wawahlabela zona ukuba azidle. Babubuncane yini ubufebe bakho na?


Wabulala abantwana bami, wanikela ngabo kuzo, wabadabulisa emlilweni.


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite