Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:19 - IsiZulu 2020

19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela ngokwempela, anikhulule, niyakuwathwala amathambo ami lapha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UMose wathatha amathambo kaJosefa, wahamba nawo, ngokuba wayebafungisile nokubafungisa abakwa-Israyeli, ethi: “Impela uNkulunkulu uyakunihambela nokunihambela, nikhuphule lapha amathambo ami kanye nani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Khona-ke uMose wathatha amathambo kaJosefa wahamba nawo, ngoba wayebafungile abantwana bakwa-Israyeli wathi: “Impela uNkulunkulu uzonilalela; futhi niyothwala amathambo ami nisuke lapha nani.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:19
9 Referans Kwoze  

Amathambo kaJosefa ayekhushulwe ngabakwa-Israyeli eGibhithe, bawangcwaba eShekhemi esiqeshini somhlaba esasithengwe nguJakobe emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngamakesita ayikhulu, saba yifa labantu bakwaJosefa.


Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


UJakobe wehlela eGibhithe; wafela khona, yena nawokhokho.


Ngokukholwa, uJosefa esezakufa wakhuluma ngofuduko lwabantu bakwa-Israyeli, wayaleza nangamathambo akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite