Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:18 - IsiZulu 2020

18 UNkulunkulu wenza ukuba abantu bahambe ngendlela ethathelayo yasehlane ebheke oLwandle Lomhlanga. Abantu bakwa-Israyeli baphuma eGibhithe bezilungiselele impi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kodwa uNkulunkulu wabajikelezisa abantu endleleni eya ehlane loLwandle LwaseShelefu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:18
13 Referans Kwoze  

“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


“Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze babuyele emuva, bayokanisa phambi kwePhi Hahirothi, phakathi kweMigidoli nolwandle, phambi kweBhali Zefoni; bakanise ngasolwandle babhekane nalo.


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


Wabahola ngendlela eqondileyo ukuze baye emzini ababezohlala kuwo.


Omkenu nabantwana benu nemfuyo yenu kuyakusala ezweni uMose aninika lona, elingaphesheya kweJordani. Kepha nina niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, nonke nina maqhawe anamandla niyakubasiza,


Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’


Abozalo lukaRubeni nolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase bawela umfula behlomile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, njengalokhu uMose ayebayalile.


Kwawela phambi kukaSimakade amadoda ayizi-40 000 ayehlome ephelele alibangisa emathafeni eJerikho ukuyolwa.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


UJosefa wawafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “UNkulunkulu uzakunihambela impela, anowakhuphula amathambo ami kule ndawo.”


AbaseGibhithe babalandela ngamahhashi, nezinqola zempi zikaFaro, nempi yakhe, babafica bekanise ngasolwandle ePhi Hahirothi, phambi kweBhali Zefoni.


umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi yazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite