Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:16 - IsiZulu 2020

16 Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kuyakuba luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kuyakuba luphawu esandleni sakho nanjengebhande phakathi kwamehlo akho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:16
18 Referans Kwoze  

“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


“Yonke imisebenzi yabo bayenza ukuba babukwe ngabantu. Amabhande abo abawabopha ebunzini uma bekhuleka bawenza abe banzi, benze izinsephe ezinkulu.


USimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, ngezenzo ezesabekayo nezinkulu, ngezibonakaliso nangezimangaliso.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


uNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli waqoka okhokho bethu, wabenza abantu baba yisizwe esikhulu eGibhithe ababengabafokazi kulo, wabakhipha ngengalo ephakemeyo.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


“Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.


bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade.


“Bayizinceku zakho nabantu bakho owabophula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.


owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo, ngokuba umusa wakhe umi phakade,


Yibophele njalo enhliziyweni yakho, uyithandele entanyeni yakho.


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho eGibhithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite