Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:15 - IsiZulu 2020

15 Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi uFaro engafuni ukusikhulula, uJehova wabulala wonke amazibulo ezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezilwane; ngakho-ke nginikela eNkosini konke okuvula i-matrix, engowesilisa; kodwa wonke amazibulo ebantwaneni bami ngiyawakhulula.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:15
7 Referans Kwoze  

Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


“Izibulo lembongolo uyolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, uyolephula intamo. Wonke amazibulo emadodaneni akho uyowahlenga. Akuyukuza muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Ukuze uhlenge abangama-273 bamazibulo abantu bakwa-Israyeli abangaphezu kwabaLevi,


Amazibulo wonke ezintweni eziphilayo, abayonikela ngawo kuSimakade: kungaba ngawabantu noma ngawezilwane, kuyoba ngokwakho. Nokho izibulo lomuntu uyolihlenga, nezibulo lesilwane esingcolileyo.


Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite