Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:50 - IsiZulu 2020

50 Bonke abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayebayalile ngoMose no-Aroni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

50 Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:50
21 Referans Kwoze  

Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


Yibo o-Aroni noMose uSimakade athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.”


Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Umthetho oyakubekelwa abozalo nabafokazi abagogobele phakathi kwenu uyakufana.”


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


UMose wayinika u-Aroni namadodana akhe imali yesihlengo njengezwi likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu; njengalokhu uSimakade ayekhulume noMose, benza kanjalo-ke abantu bakwa-Israyeli.


AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”


UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.


Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.


Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.


Amadodakazi kaZelofehadi enza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite