Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:48 - IsiZulu 2020

48 “Uma umfokazi ohlala nani efuna ukuligubha iphasika likaSimakade, kufanele asokwe yena nabo bonke abesilisa, bese beyasondela baligubhe iphasika, njengoba bonke abantu bengabakhe. Kepha bonke abangasokile akumele balidle iphasika.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 “Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 “ ‘Uma umfokazi egogobele kini, egcina iphasika kuJehova, mabasokwe bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine; uyakuba njengowokuzalwa ezweni, ngokuba akuyikudla ongasokile kulo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:48
12 Referans Kwoze  

“ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ”


lapho kungekho mGriki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kodwa uKhristu uyikho konke, kubo bonke.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,


Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Endlini yami engcwele akayukungena owezizwe ongasokile enhliziyweni nongasokile enyameni, kubo bonke abezizwe abahlala nabantu bakwa-Israyeli.


Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, osenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe, ngisho nalabo abazalelwe kwakho abangazalwa nguwe, noma ngabe bathengwe ngemali kowezizwe,


ukuze lokhu kube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.


“ ‘ “Ngokuba yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozehlukanisa nami, afake izithombe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eya kumphrofethi ukuba abuze ngami, Mina Simakade, ngiyakumphendula mathupha.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite