Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:43 - IsiZulu 2020

43 USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 INkosi yasisithi kuMozisi lakuAroni: Nanku umlayo wephasika: owezizwe kangalidli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:43
9 Referans Kwoze  

“Uma umfokazi ohlala nani efuna ukuligubha iphasika likaSimakade, kufanele asokwe yena nabo bonke abesilisa, bese beyasondela baligubhe iphasika, njengoba bonke abantu bengabakhe. Kepha bonke abangasokile akumele balidle iphasika.


“ ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’ ”


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.


ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni.


“ ‘Akukho mfokazi oyakudla okungcwele; ngisho umuntu ogogobele womphristi noma umqashwa, akayukukudla okungcwele.


Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibhithe endlini kaFaro.


Ingxenye enkulu yabantu eyayivela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwa-Isakhare nakwaZebuloni, yayingazihlambululanga, balidla iphasika ngokungalotshiwe, ngokuba uHezekiya wayebakhulekele, wathi: “USimakade omuhle makathethelele,


Ngokuba ningenise abezizwe abangasokile enhliziyweni nasenyameni, ukuba bangene endlini yami engcwele, bayingcolisa indlu yami; lapho ninikela kimi ngesinkwa, ngamanoni nangegazi; nasephula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


Kodwa uma indodakazi yomphristi ingumfelokazi noma ilahlwe yindoda, ingenamntwana, bese ibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakusidla isinkwa sikayise, kepha umfokazi akayukusidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite