Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:3 - IsiZulu 2020

3 Yishoni kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli nithi: ‘Ngomhla zilishumi kule nyanga bayothatha yilowo nalowo mndeni, kube yiwundlu umndeni ngamunye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Khulumani kuyo yonke inhlangano yakwa-Israyeli, nithi: Ngolweshumi lwale nyanga bayakuzithathela yilowo nalowo imvu ngokwezindlu zawoyise, iwundlu ngendlu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:3
26 Referans Kwoze  

Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


alethe umnikelo kuSimakade, ube yinhlawulo yesono asenzileyo, insikazi emhlanjini wakhe wezimvu noma wezimbuzi, ibe wumnikelo wesono; umphristi uyomenzela ukubuyisana ngesono sakhe.


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.


Ngakusasa abantu abaningi abebeze emkhosini, sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,


Kuthe ebona uJesu edlula, wathi: “Nanti iWundlu likaNkulunkulu.”


UJosiya wanika abantu besizwe bonke ababekhona, imihlambi yamawundlu namazinyane ezimbuzi, konke kwaba yiminikelo yephasika, sekukonke kwakuyizi-30 000, nezinkunzi eziyizi-3 000 okwakuthathwe empahleni yenkosi.


Kuyokwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi;


Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


U-Aroni wawakhuluma wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kuMose, wenza nezibonakaliso phambi kwabantu.


U-Abhrahama waphendula wathi: “Ndodana, uNkulunkulu uqobo uyakuzibonela iwundlu lomhlatshelo.” Baqhubeka nendlela yabo bobabili.


U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe,


Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.


“ ‘Ngakho-ke kusasa niyakusondela ngezizwana zenu. Isizwana uSimakade ayakusikhetha, siyosondela ngokwemindeni yaso, umndeni awuthathayo usondele ngezindlu zawo, kuthi indlu ayithathayo uSimakade, kusondele umuntu ngamunye.


Bathi kuMose: “Khuluma wena nathi, siyakukulalela, kodwa uNkulunkulu makangakhulumi nathi, funa sife.”


USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe.


Sekusele izinsuku eziyisithupha kube yiPhasika, uJesu waya eBhethaniya lapho kwakuhlala khona uLazaru ayemvuse kwabafileyo.


“Le nyanga iyakuba wuphawu kini lokuqala kwezinyanga; iyakuba yinyanga yokuqala yonyaka wenu.


Uma umndeni umncane kakhulu ukuba ungaqeda iwundlu, uyohlangana nomakhelwane ukuze uthole iwundlu; iwundlu liyakwehlukaniswa izingxenye ngokulingene abantu abayakulidla.


UMose wayesewabiza wonke amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani, nithathele imindeni yenu amawundlu, niwahlabele iphasika.


Kwathi ekuqaleni konyaka wama-25 sisekuthunjweni, ngosuku lweshumi enyangeni, ngonyaka we-14 emva kokunqotshwa komuzi, kwathi ngalolo lusuku isandla sikaSimakade saba phezu kwami, wangiyisa lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite