Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:29 - IsiZulu 2020

29 Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Futhi kwenzeka ukuthi phakathi kwamabili iNkosi yashaya wonke amazibulo ezweni laseGibhithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, kuya kwizibulo lesiboshwa esasisetilongweni; nawo onke amazibulo ezinkomo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:29
27 Referans Kwoze  

Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Washaya amazibulo aseGibhithe, awabantu nawezilwane.


Washaya namazibulo wonke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


owabulala amazibulo abaseGibhithe, amazibulo alo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.


AbaseGibhithe babesangcwaba amazibulo abo ayebulawe nguSimakade. USimakade wayebehlulela nonkulunkulu babo.


Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.


Base bemdonsa ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni labalindi.


Bambamba uJeremiya, bamphonsa emgodini kaMalikhiya, indodana yenkosi, owawusegcekeni labalindi. Bamehlisela emgodini ngezintambo uJeremiya, kwakungekho manzi, kodwa udaka kuphela. UJeremiya wabisha odakeni.


Othotshisiweyo uyosheshe akhululwe; akayukufa, akayukwehlela egodini, futhi akayukuswela sinkwa.


Bayohlanganiswa ndawonye, njengeziboshwa ziqoqelwa emgodini, bayovalelwa ejele, kuthi emva kwezinsuku eziningi, bajeziswe.


Bayafa ngokuphazima kweso, phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale, amaqhawe ayasuswa, kepha hhayi ngesandla somuntu.


Ngokuba wonke amazibulo angawami. Kusukela ngosuku engabulala ngalo wonke amazibulo eGibhithe, ngazehlukanisela wonke amazibulo akwa-Israyeli ukuba abe ngawami; kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ayokuba ngawami; nginguSimakade.”


Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli.


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


Walungisela intukuthelo yakhe indlela, akawuphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.


Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane, kulandele isifo ezinyaweni zakhe.


Kepha ngiyosijezisa isizwe esiyobe siyigqilazile, kuthi ekugcineni iphume isinefa elikhulu.


USimakade wathi kuMose: “Ngizoletha enye futhi inhlupheko phezu kukaFaro naphezu kweGibhithe; emveni kwalokho uzonivumela ukuba nihambe lapha. Lapho enivumela uzakunixosha nokunixosha.


“Bazoba namahloni, bajabhiswe bonke abakuthukuthelele, bayoba njengento engelutho, babhubhe bonke abamelana nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite