Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:28 - IsiZulu 2020

28 Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benza njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:28
23 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.


Niyothi: ‘Ngumhlatshelo wephasika likaSimakade, ngokuba wazedlula izindlu zabakwa-Israyeli eGibhithe, mzukwane ebulala abaseGibhithe, kodwa wazeqa izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama badumisa.


Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile.


UMose no-Aroni baya kuFaro benza njengalokhu uSimakade ebayalile; u-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezikhulu zakhe, yaphenduka inyoka.


Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uMose ayebatshelile; bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


“UBhezaleli no-Oholiyabhe bayosebenza nabo bonke abanekhono, uSimakade abeke kubo ukuhlakanipha, ukuqonda nokwazi ukwenza wonke umsebenzi wokwakha indawo engcwele, ngendlela uSimakade ayale ngayo.”


Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


Abantu bakwa-Israyeli bawenza wonke umsebenzi njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Abakwa-Israyeli benza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, babakhiphela ngaphandle kwenkambu; njengalokhu uSimakade ayekhulume noMose, benza kanjalo-ke abantu bakwa-Israyeli.


UMose no-Eleyazare, umphristi, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


UMose wanika u-Eleyazare, umphristi, intela eyayingumnikelo kaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Engxenyeni eyatholwa ngu-Israyeli uMose, wathatha okukodwa kubantu nasezilwaneni wakunika abaLevi ababenakekela ithabanakeli likaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Wathi: “Makube njengoba nisho.” Wayesewakhulula aqhubeka nohambo lwawo. Yena wabophela intambo ebomvu efasiteleni.


Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uJoshuwa wayebayalile; bathatha amatshe ali-12 phakathi neJordani njengalokhu uSimakade ayeshilo kuJoshuwa, njengokwezizwe zakwa-Israyeli; bawathwala bawela nawo, baya endaweni lapho babezolala khona, base bewabeka phansi lapho.


Abakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayemyalile uMose; balehlukanisa izwe.


UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.


Wahamba, wenza njengalokhu izwi likaSimakade limyalile; wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKherithi ophambi kweJordani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite