Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:22 - IsiZulu 2020

22 Niyothatha isixha sehisophi nisicwilise egazini elisemcengezini, bese nibheca izimpundu nezinsika zeminyango, makungaphumi muntu emnyango kuze kube ngakusasa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kumelwe nithathe isixha sehisopi nisicwilise egazini elisesitsheni, nishaye umbundu ongenhla nezinsika zombili zezinhlangothi ngegazi elisesitsheni; futhi kakuyikuphuma muntu emnyango wendlu yakhe kuze kuse.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:22
13 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.


Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


umuntu ohlambulukileyo uyothatha ihisopi, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo ithende, nezitsha zonke, nabantu abalapho, nalowo othinte ithambo, noma obuleweyo, noma isidumbu, noma ithuna.


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke,


Kanjalo nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasemhlabeni.


Bayakuthatha ingxenye yegazi balibhece ezinsikeni zombili zomnyango, nasemakhothameni eminyango yezindlu abayakudlela kuzo.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Sebehlabelele iculo lokubonga, baphuma, baya eNtabeni Yeminqumo.


Hambani bantu bami, niye ezindlini zenu, nizivalele khona, nicashe isikhashana, luze lwedlule ulaka.


Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite