Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:17 - IsiZulu 2020

17 Niyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalolo lusuku ngakhipha amaviyo enu eGibhithe. Lolu lusuku niyolugubha lube ngumkhosi omisiweyo phakade izizukulwane ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “ ‘Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kumelwe uwugcine umkhosi wesinkwa esingenamvubelo; ngoba ngalona lolosuku ngikhiphile amabutho akho elizweni leGibhithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu kube yisimiso esiphakade.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:17
12 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku uyoyitshela indodana yakho uthi: ‘Lokhu kungenxa yalokho uSimakade angenzela khona mhla ngiphuma eGibhithe.’ ”


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Ekupheleni konyaka wama-430, ngalo lolo lusuku, wonke amaviyo kaSimakade aphuma eGibhithe.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


Sakhala kuSimakade, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibhithe; bheka manje silapha eKadeshi, umuzi osemngceleni wezwe lakho.


Yibo o-Aroni noMose uSimakade athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.”


Niyoligcina kuze kube lusuku lweshumi nane lwayo le nyanga, bese kuthi wonke umphakathi wakwa-Israyeli uhlabe amawundlu phakathi kwamabili.


“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.


Lesi simiso niyakusigcina sibe yisiko lenu nezizukulwane zenu nanini nanini.


Lo mthetho uyakuwugcina ngesikhathi esifaneleyo minyaka yonke.”


“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.


Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite