Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:15 - IsiZulu 2020

15 Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo; ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu; ngoba wonke odla isinkwa esivutshelweyo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa, lowomphefumulo uzaqunywa kwaIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:15
28 Referans Kwoze  

Awuyukudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma eGibhithe ngokushesha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo eGibhithe zonke izinsuku zokuphila kwakho.


Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.


“Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Izinsuku eziyisithupha uyokudla isinkwa esingenamvubelo. Ngosuku lwesikhombisa, kuyoba ngumhlangano ozothileyo kuSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo.


Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga, kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.


“Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.


Bayakulidla iwundlu ngalobo busuku; bayakulidla losiwe emlilweni nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.


Sengathi bangazithena bona labo abanihluphayo.


Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wabamba noPhethro. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.


Ngaleso sikhathi kwabuthana izindimbane zabantu, zaze zanyathelana; uJesu wayeseqala ukukhuluma kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.


Base beqonda ukuthi akashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa, kepha imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.


Sengathi uSimakade angamsusa emathendeni akwaJuda umuntu owenza lokhu nalowo ophendulayo emvikela emathendeni akwaJakobe noletha umnikelo kuSikamade Wamabandla.


“Iphasika awuyukulihlabela emizini yakho ewayinikwa nguSimakade uNkulunkulu,


Ngokuba impilo yazo zonke izidalwa igazi lazo nomphefumulo wazo kusegazini lazo, ngalokho ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Aniyukulidla igazi lenyama yonke, ngokuba ukuphila kwazo zonke izidalwa kusegazini lazo; lowo olidlayo uyonqunywa.”


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu.


Seziphelile izinsuku, sebebuyela emuva, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.


Noma yimuphi oyogcoba ngawo umuntu ongafanele, uyonqunywa phakathi kwabantu.’ ”


Abakwa-Israyeli ababekhona eJerusalema bawugubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokukhulu ukuthokoza; abaLevi nabaphristi babemdumisa uSimakade imihla ngemihla ngezinto ezikhaliswayo, ezizwakalayo kuSimakade.


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Yilowo nalowo oyokwenza enjengale ukuba ayisebenzise njengamakha akhe, uyakunqunywa kubantu bakubo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite