Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:13 - IsiZulu 2020

13 Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Igazi liyakuba yisibonakaliso kini ezindlini enikhona; futhi lapho ngibona igazi, ngizodlula phezu kwenu, futhi isifo ngeke sibe phezu kwenu ukuze sinibhubhise lapho ngishaya izwe laseGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:13
10 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


ukuze lokhu kube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


Manje-ke lokhu nginiphathe kahle, fungani kimi ngoSimakade ukuthi nani niyakubenzela umusa abendlu kababa; nginikeni uphawu oluzakuba yisiqiniseko sokuthi nizokwethembeka,


Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.


USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Bayakuthatha ingxenye yegazi balibhece ezinsikeni zombili zomnyango, nasemakhothameni eminyango yezindlu abayakudlela kuzo.


uma kuyothi lapho sihlasela izwe, sithole ungayibophelanga le ntambo ebomvu efasiteleni owasikhipha ngalo, futhi ungaqoqelanga endlini yakho uyihlo nonyoko nabafowenu nabo bonke abendlu kayihlo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite