Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 12:11 - IsiZulu 2020

11 Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, nifake izimbadada ezinyaweni zenu, niphethe izindondolo zenu ngezandla, nilidle ngokuphangisa, liyiphasika likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho kumelwe ukudle; niboshiwe izinkalo zenu, nezicathulo zenu ezinyaweni zenu nodondolo lwenu esandleni senu; futhi kumelwe ukudle ngokushesha; kuyiPhasika leNkosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 12:11
21 Referans Kwoze  

Niyothi: ‘Ngumhlatshelo wephasika likaSimakade, ngokuba wazedlula izindlu zabakwa-Israyeli eGibhithe, mzukwane ebulala abaseGibhithe, kodwa wazeqa izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama badumisa.


izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula;


Khiphani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengokuba ningenamvubelo. Ngokuba nelethu iPhasika elinguKhristu lihlatshiwe.


Ngakho-ke hluzani izingqondo zenu, nime ngomumo, nizithibe, niwethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa mhla kwembulwa uJesu Khristu.


“Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha.


“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.


phakathi kwamabili, ngosuku lwe-14 ngenyanga yokuqala; yiphasika likaSimakade.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,


UMose wayesewabiza wonke amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani, nithathele imindeni yenu amawundlu, niwahlabele iphasika.


“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,


Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


Kwakuthi minyaka yonke abazali bakaJesu baye eJerusalema ngoMkhosi wePhasika.


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ngonyaka wesibili ngenyanga yokuqala bephumile eGibhithe, wathi:


“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.


Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.


Inkosi yayisiyala bonke abantu, yathi: “Yenzelani uSimakade uNkulunkulu wenu iphasika njengalokhu kulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.”


“ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 enyangeni, niyakuba nephasika; umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite