Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa akuyikubakho inja eyakunyakazisa ulimi lwayo komunye wabantwana bakwa-Israyeli, kumuntu noma esilwaneni, ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa phakathi kweGibhithe no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:7
11 Referans Kwoze  

Bonke abantu babuyela kuJoshuwa enkanjini eMakheda bephephile, akubanga bikho owake wakhuluma okubi ngo-Israyeli.


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


Kepha uSimakade uzohlukanisa phakathi kwemfuyo yabakwa-Israyeli nemfuyo yabaseGibhithe, ukuze kungafi lutho olungolwabantu bakwa-Israyeli.” ’ ”


Ngakho-ke ompofu unethemba; ububi buvale umlomo wabo.


Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


KuseGosheni kuphela, lapho kwakuhlala khona abakwa-Israyeli, esingehlanga khona isichotho.


Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo,


Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite