Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 11:4 - IsiZulu 2020

4 UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMozisi wasesithi: Itsho njalo iNkosi: Phakathi kobusuku ngizaphuma ngiye phakathi kweGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 11:4
12 Referans Kwoze  

Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


“Nganithumelela ubhubhane ngendlela efanayo neyaseGibhithe, ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu likhuphukele emakhaleni enu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.


Bayafa ngokuphazima kweso, phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale, amaqhawe ayasuswa, kepha hhayi ngesandla somuntu.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


“Kwathi phakathi kwamabili, kwamenyezwa kwathiwa: ‘nangu umyeni eza; phumani nimhlangabeze!’


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Kuyakuba khona isililo nasezivinini zonke, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwenu,” kusho uSimakade.


USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.


Uyakuthi lapho uzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zezihlahla zebhalisamu, uphangise, ngokuba uSimakade uyobe ephumile, engaphambi kwakho, ukubhubhisa impi yamaFilisti.”


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite