Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:5 - IsiZulu 2020

5 Sizokwemboza izwe kungabi bikho muntu okwazi ukubona umhlabathi. Sizokudla lokho okusale esichothweni, sibhuqe yonke imithi esahlumayo emasimini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Siyakusibekela ubuso bomhlaba, ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ziyosibekela ubuso bomhlaba, ukuze umuntu angaboni umhlaba; ziyakudla insali yokusinda kwenu esichothweni, zidle yonke imithi enihlumelayo endle;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:5
7 Referans Kwoze  

Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.


Kodwa ukolo nesipelithi akonakalanga ngoba kwakungakaqhumi.


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


Uma wenqaba ukuvumela abantu bami ukuba bahambe, kusasa ngizothumela isikhonyane ezweni lakho.


USimakade wathi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kweGibhithe, ukuze kuphume isikhonyane phezu kwalo lonke iGibhithe, sidle konke okumilileyo ezweni, konke lokho okusale esichothweni.”


Salemboza lonke iGibhithe kwangabonakala ngisho namhlabathi, kwaba mnyama kulo lonke izwe. Sashaya sabhuqa konke okumilileyo ezweni, nazo zonke izithelo ezazishiywe yisichotho ezihlahleni, kwangasala lutho oluluhlaza ezihlahleni, nakokumilileyo emasimini kulona lonke iGibhithe.


Phambi kwabo kuqothula umlilo, emva kwabo kuvutha ilangabi; izwe eliphambi kwabo linjengensimu e-Edeni, kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho, akukho okuphunyukayo kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite