Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:26 - IsiZulu 2020

26 Imfuyo yethu siyakuhamba nayo, akuyukusala ngisho nenselo eyodwa, ngokuba siyakuthatha kuyo ukuze sikhonze ngayo uSimakade uNkulunkulu wethu, futhi-ke ngeke sazi ukuthi siyomkhonza ngani uSimakade, singakafiki lapho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi; akuyikusala nanselo, ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Imfuyo yethu izohamba nathi; akukho luzipho olungashiywa ngemuva; ngenxa yalokho kumelwe sithathe ukukhonza uJehova uNkulunkulu wethu; futhi asazi ukuthi yini okufanele siyikhonze iNkosi size sifike lapho.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:26
12 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


lokhu akubanga njengokuba sasilindele, kodwa azinikela wona kuqala eNkosini nakithi ngentando kaNkulunkulu,


Ngalolo lusuku kuyakulotshwa ezinsimbini zamahhashi ukuthi: “Kwehlukaniselwe uSimakade,” amabhodwe asendlini kaSimakade ayakuba njengemicengezi phambi kwe-althare.


Bayakuhamba nomhlambi wabo wezimvu nowezinkomo ukuyofuna uSimakade, kodwa abayukumfumana, ngokuba usesukile kubo.


Intengo yalo nenzuzo yalo kuyoba ngcwele kuSimakade; ayiyukunqwatshelwa, ilondolozwe, ngokuba intengo yalo iyoba ngeyabahlala phambi kukaSimakade, ukuze badle, basuthe, babe nezingubo ezinhle.


Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


Thathani imihlambi, izimvu, izimbuzi, nezinkomo, njengoba nishilo nihambe. Nami ningicelele isibusiso.”


UMose wathi: “Sizohamba nezinsizwa, abadala, amadodana, amadodakazi ethu, izimvu, izimbuzi, izinkomo, nemihlambi yethu, ngokuba sizogubha umkhosi kaSimakade ngakho konke esinakho.”


UMose wathi: “Uyakusinika yini imihlatshelo neminikelo yokushiswa esiyoyinikela kuSimakade uNkulunkulu wethu na?


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu siye ehlane, sethule umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wethu njengalokhu esiyalile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite