Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:22 - IsiZulu 2020

22 UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UMose wayeselula isandla sakhe ezulwini; kwaba khona ubumnyama obukhulu ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:22
13 Referans Kwoze  

Wabehlisela ngobumnyama, kwaba mnyama ezweni, kepha baphambana namazwi akhe.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu.


Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.


Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.


“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


“Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama.


Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.


“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.


Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.


Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Kuyakuthi lapho sengiqeda nya ngawe, ngisibekele amazulu, ngenze izinkanyezi zawo zibe mnyama, ngilemboze ngefu ilanga, nenyanga ingakhanyisi ngokukhanya kwayo.


Zonke izikhanyisi ezikhanyayo emazulwini ngiyakuzenza zibe mnyama phezu kwakho, ngehlisele ubumnyama ezweni lakho, kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite