Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 10:15 - IsiZulu 2020

15 Salemboza lonke iGibhithe kwangabonakala ngisho namhlabathi, kwaba mnyama kulo lonke izwe. Sashaya sabhuqa konke okumilileyo ezweni, nazo zonke izithelo ezazishiywe yisichotho ezihlahleni, kwangasala lutho oluluhlaza ezihlahleni, nakokumilileyo emasimini kulona lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe. Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba basibekele umhlaba wonke, kwaba mnyama izwe; zadla zonke izimila zezwe, nazo zonke izithelo zemithi esasala yisichotho, akwasala luhlaza emithini nasezitshalweni zasendle ezweni lonke laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 10:15
11 Referans Kwoze  

Sizokwemboza izwe kungabi bikho muntu okwazi ukubona umhlabathi. Sizokudla lokho okusale esichothweni, sibhuqe yonke imithi esahlumayo emasimini.


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


Ukudla kwabo wakunika imiswenya, nomsebenzi wabo, isikhonyane.


USimakade wathi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kweGibhithe, ukuze kuphume isikhonyane phezu kwalo lonke iGibhithe, sidle konke okumilileyo ezweni, konke lokho okusale esichothweni.”


Kwathi lapho isikhonyane sesibudle sabuqothula nya utshani ezweni, ngathi: “Nkosi Simakade, ake uthethelele; uyakuma kanjani uJakobe ngokuba mncane?”


Wathumela izithunywa kuBhileyamu, indodana kaBheyori, owayesePhethori ngasemfuleni ezweni labantwana babantu bakhe, ukuyombiza zithi kuye: “Bheka, kunoquqaba lwabantu, abaphuma eGibhithe asebegcwele yonke indawo, futhi sebehleli eduze kwami.


izinkumbi azinankosi, kodwa ziyaphuma zonke ngamaviyo;


Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite