Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 1:20 - IsiZulu 2020

20 UNkulunkulu wabenzela okuhle ababelethisi; abantu banda, baba namandla amakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UNkulunkulu wabenzela ababelethisi okuhle; abantu banda, baba baningi kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngakho uNkulunkulu wabaphatha kahle ababelethisi, futhi abantu banda baba namandla kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 1:20
17 Referans Kwoze  

Noma isoni singona kaningi, siphile isikhathi eside, nokho ngiyazi ukuthi kuzobahambela kahle abamesabayo uNkulunkulu, ngoba bahamba ngokwesaba phambi kwakhe.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.


Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza.


Abamesabayo ubapha ukudla, isivumelwano sakhe usikhumbula njalo.


Isihawu sakhe sisezizukulwaneni ngezizukulwane kubo abamesabayo.


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”


Onomusa kompofu wetsheleka uSimakade; uyakuthola umvuzo.


Usuthisa ukufisa kwabamesabeyo, uyakuzwa ukukhala kwabo, abasindise.


Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi.


Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.


Kwathi lapho bebacindezela, banda kakhulu, basabalala abantu bakwa-Israyeli; abaseGibhithe baqala ukubesaba.


Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona.


Ababelethisi bathi kuFaro: “Kungoba abesifazane bamaHebheru kabafani nabesifazane baseGibhithe; banamandla, kuthi engakafiki umbelethisi kubo, babe sebebelethile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite