Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 1:14 - IsiZulu 2020

14 benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Benza ukuphila kwabo kwaba munyu ngemisebenzi esindayo odakeni nasezitinini, nangemisebenzi yonke yasendle, yebo, yonke imisebenzi yabo ababebakhonzisa ngayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bazenza zaba muncu ukuphila kwabo ngobugqila obulukhuni, ngokunameka, nangokufaka izitini, nangayo yonke imisebenzi yasensimini; yonke inkonzo yabo ababekhonza kuyo yayilukhuni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 1:14
30 Referans Kwoze  

Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlukumeza okhokho ngokubaphoqa ukuba balahle izingane zabo zingaphili.


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


UMose wakhuluma kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, kodwa abazange bamlalele, ngenxa yezinhliziyo ezincane nokusebenza kanzima.


Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.


Zikhelele amanzi ngoba uzovinjezelwa, uqinise izinqaba zakho; uxove udaka, ubumbe izitini.


Nidle inyama yabantu bami, nabaxebula isikhumba sabo, amathambo abo nawaphoqophoqoza, nabaqobaqobela ebhodweni nakugalaza njengenyama.”


“Manje ngisasalelwe yini lapha,” kusho uSimakade, “njengoba abantu bami bethunjiwe ngaphandle kwesizathu na? Ababusi babo babanga umsindo,” kusho uSimakade, “negama lami lihlanjalazwa usuku lonke.


Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”


eyashaya abantu ngentukuthelo ingaphezi, yabusa izizwe ngolaka nangokucindezela okunganqandekiyo.


noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.


Wabaphendula wathi: “Ningangibizi ngoNawomi; ngibizeni ngoMara, ngokuba uSomandla ungenzele okubi.


AbaseGibhithe basiphatha kabi, basihlupha, basisebenzisa kanzima kakhulu.


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


Njengesisebenzi esiqashwa iminyaka ngeminyaka, uyakuba ngaphansi kwesandla sakhe, kodwa akayukumphatha ngesihluku emehlweni akho.


Niyakuzishiyela amadodana enu zibe yifa lawo kuze kube phakade. Kepha makungabi bikho muntu oyophatha ngesihluku umfowabo kubantu bakwa-Israyeli.


Awuyukumphatha ngesihluku, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


AbaseGibhithe babagqilaza kanzima abantu bakwa-Israyeli,


Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.


AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


Inkosi yaseGibhithe yathi kubabelethisi bamaHebheru, okwakungoShifira noPhuwa:


Yakhuluma kubo njengokwelulekwa yizinsizwa, yathi: “Ubaba wayenethwese ijoka elinzima, mina-ke ngizothasisela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngizonishaya ngofezela.”


Umbusi okhohlakele obusa abampofu, unjengengonyama ebhodlayo nebhele elihahayo.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi: “Bantu bami, enihlala eZiyoni, ningabesabi abase-Asiriya lapho benishaya ngentonga yabo, bephakamisa induku yabo ukumelana nani, njengoba kwenza abaseGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite