Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 1:12 - IsiZulu 2020

12 Kwathi lapho bebacindezela, banda kakhulu, basabalala abantu bakwa-Israyeli; abaseGibhithe baqala ukubesaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kepha ngokubahlupha kwazo kwaba yikhona banda, basabalala; baba novalo ngabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa lapho bebacindezela kakhulu, kwayikhona banda, bakhula; Basebedabuka ngabantwana bakoIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 1:12
17 Referans Kwoze  

USimakade wabenza banda kakhulu abantu bakhe, wabenza baba namandla kunezitha zabo.


Yathi kubantu bayo: “Bhekani, abakwa-Israyeli sebebaningi kakhulu, futhi banamandla kunathi.


Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Ngakho-ke abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona, akukho lutho esingalwenza; izwe lonke liyamlandela.”


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli bazalana, banda, bachuma, baba namandla amakhulu; izwe lagcwala bona.


UNkulunkulu wabenzela okuhle ababelethisi; abantu banda, baba namandla amakhulu.


UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.


AbakwaMowabi babesaba kakhulu abakwa-Israyeli, ngokuba babebaningi. UMowabi wangqangqazela luvalo ngenxa yabakwa-Israyeli.


Wena uyophendula phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Ukhokho wami wayengumAramu owayezulazula, wehlela eGibhithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe esikhulu khona, esinamandla nesiningi.


Izizukulwane zabo wazandisa njengezinkanyezi esibhakabhakeni, waziletha ezweni owawulethembise okhokho bazo ukuthi ziyongena kulo, zilidle.


Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite