Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 1:11 - IsiZulu 2020

11 AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 1:11
21 Referans Kwoze  

Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.


UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.


“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni, nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.


AbaseGibhithe basiphatha kabi, basihlupha, basisebenzisa kanzima kakhulu.


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.


noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.


Wakha iThadimori ehlane, kwathi eHamathi wakha imizi eyizinqolobane.


nayo yonke imizi eyayiyizinqolobane zikaSolomoni, imizi yezinqola zakhe zempi, imizi yabamahhashi akhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayebusa kulo.


Izinduna zabakwa-Israyeli zaya kuFaro, zakhala zathi: “Uziphathelani izinceku zakho kanje na?


benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.


Izinduna nabaphathi babantu baphuma, bathi kubantu: “Nakhu okushiwo nguFaro uthi: ‘Angizukuninika utshani.’


UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe, bahlasela imizi yakwa-Israyeli. Banqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Mayimi, nayo yonke imizi yakwaNafethali, eyayiyizinqolobane.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Kepha inani lezitini abazenzayo kufanele lifane nelezitini abazenze ngayizolo; ningalehlisi, ngokuba bayavilapha. Yingakho bekhala bethi: ‘Masihambe siyokwenzela uNkulunkulu wethu umhlatshelo.’


Bangihlupha kakhulu, kodwa abangehlulanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite