Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:28 - IsiZulu 2020

28 funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Kwaba ngenxa yokuba uSimakade wayengakwazi ukubangenisa ezweni ayebathembise lona, futhi ebazonda; ubakhiphile ukuze ababulalele ehlane.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Izwe owasikhipha kulo malingasho ukuthi: ‘Ngokuba uJehova wayengenakubangenisa ezweni abathembisa lona, nangokuba wayebazonda, wabahola ukuba ababulale ehlane.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:28
7 Referans Kwoze  

“Ngenxa yokuba uSimakade ubengenamandla okungenisa laba bantu ezweni afunga ngalo kubo, ngalokho-ke ubabhubhisile ehlane.”


Abazukusho yini abaseGibhithe bathi: ‘Wabakhipha ehlose okubi, ukuba ababulalele ezintabeni, abaqothe baphele nya emhlabeni.’ Phenduka olakeni lwakho olukhulu, uguqule umqondo wakho, ungabehliseli okubi abantu bakho.


nakhononda emathendeni enu, nathi: ‘Kungenxa yokuba uSimakade esizonda okwenze ukuba asikhiphe eGibhithe ukuzosinikela esandleni sama-Amori, ukuba asibhubhise.


Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo,


AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”


kungenjalo, ngesaba ukuchukuluzwa yisitha, funa abamelene nabo baqonde, bathi: “Izandla zethu eziphakamile, akusiye uSimakade owenze konke lokhu.” ’ ”


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite