Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:2 - IsiZulu 2020

2 abantu abakhulu nabade, abozalo lwama-Anaki obaziyo, ozwile ngabo kuthiwa: ‘Ngubani ongema phambi kwabozalo luka-Anaki na?’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 abantu abakhulu nabade, abantwana bama-Enaki obaziyo, ozwile ukuthi: Ngubani ongema phambi kwabantwana bakwa-Enaki?

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:2
16 Referans Kwoze  

Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.


Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.


Uma edlula, avalele, abizele ekwehluleleni, ngubani ongamvimba na?


Amakhosi azo uyowanikela esandleni sakho, wena uyoliqeda nya igama lawo phansi kwezulu; akukho muntu oyoma phambi kwakho, uze uqede ukuzibhubhisa.


abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo.


Sibone futhi laphaya neziqhwaga zozalo luka-Anaki. Thina sazibona sibancane njengezintethe phambi kwazo, saba njalo emehlweni azo.”


Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.


Osomlingo abakwazanga ukuma phambi kukaFaro ngenxa yamathumba, ngoba nabo babehlaselwe ngamathumba nabo bonke abaseGibhithe.


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


Ngaleso sikhathi uJoshuwa wafika wawaqotha ama-Anaki, kusuka kwelezintaba eHebhroni, eDebhiri, e-Anabhi, kulo lonke elezintaba kwaJuda, nakulo lonke elezintaba kwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula wonke nemizi yawo.


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.


UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki.


“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite