Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:19 - IsiZulu 2020

19 Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba ngesaba intukuthelo nokuvutha kolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise. Kodwa uJehova wangizwa ngaleso sikhathi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:19
19 Referans Kwoze  

“Ngahlala entabeni njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; uSimakade wangilalela nangaleso sikhathi, akathandanga ukunibhubhisa.


UMose no-Aroni babengabanye babaphristi bakhe, uSamuweli engomunye wababekhuleka eGameni lakhe. Bakhuleka kuSimakade, Yena wabaphendula.


USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”


USimakade wawuguqula umqondo wakhe ngenhlekelele ayehlose ukuyehlisela abantu bakhe.


Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


NaseHorebhe namthukuthelisa uSimakade, uSimakade wanithukuthelela waze wafuna ukunibhubhisa.


Yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela.”


Wathi kuMose: “Bheka, ngenza isivumelwano phambi kwabo bonke abantu bakho. Ngiyokwenza izimangaliso phambi kwabo bonke abantu bakho, ezingakaze zenziwe emhlabeni wonke, naphakathi kwezizwe zonke. Bonke abantu enihlala phakathi kwabo bayokuwubona umsebenzi kaSimakade, ngokuba kuyinto eyesabekayo lokhu engizokwenza ngawe.


USimakade wamthukuthelela kakhulu u-Aroni, futhi wayekulungele ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli.


Abantu bakhala kuMose. UMose wakhuleka kuSimakade, umlilo wabohla.


Babumba ithole eHorebhe, bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite