Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:14 - IsiZulu 2020

14 ngiyeke ukuze ngibabhubhise, ngilesule lishabalale igama labo phansi kwezulu, ngiyokwenza wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Mangime, ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu; ngiyakukwenza ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:14
19 Referans Kwoze  

uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, igama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, futhi ngiyakulivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


USimakade wathi kimi: “Ungabakhulekeli laba bantu ukuba babe nokuhle.


Ukukhunjulwa kolungileyo kuyisibusiso, kepha igama lezikhohlakali liyakubola.


Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,”


kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?


Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


“Wena-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabancengeli, ungakhuleki ubakhalela, ungabanxuseli kimi ngoba angiyukukulalela.


nezizukulwane zakho zibe ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho babe njengezinhlayiya zaso. Igama labo belingayukuqedwa, belingeke lashabalala phambi kwami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite