Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 9:13 - IsiZulu 2020

13 “USimakade wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi uJehova wakhuluma kimi, wathi: “Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abanenkani.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 9:13
12 Referans Kwoze  

Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni.


Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.


Kepha abamlalelanga, benza lukhuni izinhliziyo zabo, njengokhokho babo abangazange bamethembe uSimakade uNkulunkulu wabo.


Mina ngiyakwazi ukuhlubuka kwakho nokuba nguntamo lukhuni kwakho. Bheka nje, ngisekhona nani namuhla seniyamhlubuka uSimakade; pho kuyoba kukhulu kangakanani sengifile, na?


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngibone into ehlasimulisayo endlini yakwa-Israyeli: kukhona ubufebe kwa-Efrayimi, u-Israyeli uzingcolisile.


Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”


Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.


“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


Ngakho-ke ngizokwehlela khona ukuba ngibone ukuthi ngempela benze njengokwesikhalo esesifike kimi yini, uma kungenjalo, ngiyokwazi.”


USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite