Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 8:5 - IsiZulu 2020

5 Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 8:5
19 Referans Kwoze  

“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Ngokuba uSimakade uyamyala amthandayo, njengoyise eyala indodana ayithandayo.


Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.


Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe.


Simakade, ubusisiwe umuntu omyalayo, omfundisa ngomthetho wakho.


Ngokuba ubonile, waphenduka eziphambekweni zakhe zonke azenzileyo, impela uyakuphila akayukufa.


ngiyakujezisa iziphambeko zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


“Wena ndodana yomuntu, bopha umthwalo wakho ulungele ukuya ekuthunjweni, uzohamba uye ekuthunjweni emini kwabha, bekubuka. Suka endaweni ohlala kuyo, bebuka, uye kwenye indawo. Mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo umkhombe lapho umniniyo eyiphakela khona, kodwa u-Israyeli akazi, abantu bami kabaqondi.”


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


“Uyoyigcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokuba umesabe.


Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe, kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.


Ngosuku lwempumelelo, jabula; ngosuku lwenhlupheko, qaphela; nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku. Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi ukubona okuyoba khona uma esefile.


Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kukaSimakade, ungakwenyanyi ukusola kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite