Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 8:19 - IsiZulu 2020

19 “Ngiyanexwayisa namuhla ukuthi uma nje nike namkhohlwa uSimakade uNkulunkulu wenu, nalandela abanye onkulunkulu, nabakhonza, nakhuleka kubo, niyakubhubha nokubhubha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo, ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ubakhothamele, ngiyafakaza ngani namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 8:19
18 Referans Kwoze  

ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Ngithi akunjalo: kodwa uma ningaphenduki niyakubhubha nonke njengabo.”


Ngithi kini: akunjalo, kodwa uma ningaphenduki, niyakubhubha nonke njengabo.


“Ngiziqothulile izizwe, imibhoshongo yazo iyincithakalo, ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu, ukuze kungadluli muntu kuyo, imizi yazo icekelwe phansi yasala dengwane.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


“Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”


ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.


Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”


yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.


ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,


Ningabalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze, nikhuleke kubo, ningangicunuli ngemisebenzi yezandla zenu, khona ngingayukunilimaza.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”


“Qaphelani funa inhliziyo yenu ikhohliseke, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite