Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 8:15 - IsiZulu 2020

15 wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 owanihola ogwadule olukhulu nolwesabekayo, okwakukhona kulo izinyoka ezinomlilo nawofezela nesomiso, lapho kwakungekho manzi khona; owanikhiphela amanzi edwaleni;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 8:15
16 Referans Kwoze  

USimakade wathumela izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, zabaluma, kwafa abantu abaningi kwa-Israyeli.


UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi, insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.


“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.


Mina ngakwazi ehlane ezweni lesomiso.


baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.


Isihlabathi esishisayo siyophenduka ichibi, umhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi; ikhaya lezimpungushe liyophenduka ixhaphozi, utshani bube ngumhlanga nekhwani.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Wavula idwala, kwampompoza amanzi, agobhoza ogwadule kwangathi ngumfula.


“Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa uju edwaleni, namafutha eweni lensengetsha.


Isiphrofetho maqondana nezilwane zaseNegevu. Badabula ezweni losizi nenhlupheko, elebhubesi nebhubesikazi, elebululu nenkanyamba; umcebo wabo bawethwesa izimbongolo, ingcebo yabo bayibeka emalundeni amakameli, bayiyisa kubantu abangenakubasiza ngalutho.


Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite