Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 8:10 - IsiZulu 2020

10 “Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Uyakudla usuthe, umbonge uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lapho usudlile usuthe, kumelwe udumise uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 8:10
14 Referans Kwoze  

Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


Ohlonipha usuku uluhloniphela iNkosi, nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu, nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, naye ubonga uNkulunkulu.


Mhloniphe uSimakade ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,


“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku.


Ngakho-ke noma niyadla, noma niyaphuza, noma nenzani nje, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.


Kwafika ezinye izikebhe zivela eThibheriya zema eduze nendawo lapho babedle khona isinkwa emuva kokuba iNkosi isibongile.


Kukho konke, bongani, ngokuba lokho kuyintando kaNkulunkulu kuKhristu uJesu ngani.


izwe lapho uyakudla khona isinkwa ungesweli lutho; awuyukudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, ezintabeni zalo uyakumba ithusi.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.


Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivunde kakhulu.


Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite