Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 7:7 - IsiZulu 2020

7 “USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova akanithandanga, akanikhethanga, ngokuba naningaphezu kwezizwe zonke; ngoba wawumncane kunabo bonke abantu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 7:7
22 Referans Kwoze  

Okhokho bakho babengama-70 ngesikhathi behlela eGibhithe; manje uSimakade uNkulunkulu wakho ukwenzile waba lukhumbintethe ngangezinkanyezi zezulu.”


Kepha uma kungokomusa, akusayi ngemisebenzi; ngokuba uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


Uthando lukulokhu: akusikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kodwa Yena wasithanda thina, wathumela iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.


Kambe umbumbi akanamandla yini ukuba esigaxeni esisodwa sebumba enze isitsha esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?


Ayingabi kithina Simakade, ayingabi kithina, kodwa yinike igama lakho inkazimulo, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho.


Ngakho-ke unesihawu kulowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.


Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa.


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.


USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini.


Ngenxa yokuba ebathanda okhokho bakho, wazikhetha izizukulwane zabo emva kwakho; wakukhipha Yena uqobo eGibhithe ngamandla akhe amakhulu,


lapho naniseyingcosana ngesibalo, yebo, naniseyingcosana, futhi niyizihambi kulo.”


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga, kodwa kwaba yisandla sakho sokunene nengalo yakho, nokukhanya kobukhona bakho, ngokuba wethaba ngabo.


Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani, yebo, babeseyingcosana, futhi babengabafokazi kulo.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Angikwenzi lokhu ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazileyo ezizweni, lapho benikade nikhona.


Ngokuba ningabantu abangcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Unikhethile ukuba nibe yisizwe esiyifa lakhe phakathi kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


nina bozalo luka-Abhrahama, inceku yakhe, nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.


uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku engamkhetha ngalo u-Israyeli ngafunga ozalweni lwendlu kaJakobe, ngazambula kubo eGibhithe, ngafunga ngathi: NginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite