Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 7:2 - IsiZulu 2020

2 nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho; kumelwe ubahlule futhi ubashaye ngesiqalekiso; Ungenzi isivumelwano nabo futhi ungabahawukeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 7:2
45 Referans Kwoze  

Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.


Lapho izinhloli zibona indoda eyayiphuma emzini, zathi kuyo: “Sikhombise indlela yokungena emzini, sizokuphatha kahle.”


USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.”


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”


Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda.


UJuda wenyuka. USimakade wanikela amaKhanani namaPherizi esandleni sakhe; babulala abantu abayizi-10 000 eBhezekhi.


USimakade wayesebapha ukuthula nhlangothi zonke njengalokhu ayefungile kokhokho babo; akukho nasinye ezitheni zabo esama phambi kwabo, ngokuba uSimakade wayezinikele zonke izitha zabo ezandleni zabo.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


USimakade wayinikela iLakhishi esandleni sabakwa-Israyeli, balidla ngosuku lwesibili, balichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekulo njengoba babenzile eLibhina.


UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Lokho kwenziwe ngukuthi izinceku zakho zezwa ngokweqiniso ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wayiyala inceku yakhe uMose ukuba ininike izwe, nokuba ibhubhise zonke izakhamuzi zezwe eziphambi kwenu. Besinovalo olukhulu lokuthi nizosibulala, yingakho senze le nto.


U-Israyeli eseqedile ukubulala zonke izakhamuzi zase-Ayi ehlane elalivulekile lapho babebaxoshele khona, nalapho bonke ngothi lwabo sebebulewe ngenkemba, bonke abakwa-Israyeli baphindela e-Ayi, balihlasela balibhubhisa ngenkemba.


aniyukumvumela, aniyukumlalela; iso lakho aliyukumdabukela, aniyukumyeka, futhi aniyukumfihla,


“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onikele ezandleni zakho izitha zakho.” U-Abhrama wayesenikela kuMelkhizedeki ngokweshumi kwakho konke.


“Owenzela abanye onkulunkulu umhlatshelo, angenzeli uSimakade yena yedwa, uyobhujiswa.


Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.


USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba, yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.


Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


Iso lakho aliyukumhawukela, kepha uyolisusa igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.”


uyosinquma isandla sakhe, ungakhombisi sihe kuye.”


USimakade uyozinikela kini, nenze kuzo ngokwemiyalo yonke enginiyale ngayo.


UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’


Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


Abazibhubhisanga izizwe njengalokhu uSimakade ayebayalile,


U-Israyeli wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma ubanikela nokubanikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuyichitha impela imizi yabo.”


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


kepha niyombulala impela. Nguwena oyogalela kuqala bese kulandela bonke abantu lapho ebulawa.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


UBheni Hadadi wathi kuye: “Imizi eyadliwa ngubaba kuyihlo ngizoyibuyisa, uyakuzenzela imigwaqo eDamaseku njengalokhu ubaba enza eSamariya.” U-Ahabi wathi: “Ngenxa yalesi sivumelwano ngizokuvumela ukuba uhambe.” Base benza isivumelwano, wayesemvumela ukuba ahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite