Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 7:17 - IsiZulu 2020

17 “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani, na?’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uma uthi enhliziyweni yakho: Lezi zizwe ziningi kunami; ngingaziphuca kanjani?

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 7:17
14 Referans Kwoze  

Izwe niyakulidla, nihlale kulo, ngokuba ngininike lona ukuba nilidle.


Abethulela umbiko omubi abantu bakwa-Israyeli ngezwe ayelihlolile, athi: “Izwe esidabule kulo ukuyolihlola, liyizwe elidla abakhileyo kulo, nabo bonke abantu esibabone kulo bayimidondoshiya.


UJesu eyazi impikiswano esenhliziyweni yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe,


Uyothi enhliziyweni yakho: ‘Ngubani ongizalele laba bantwana, lokhu ngiphuciwe abantwana bami, angisenalutho, ngingumthunjwa nozulane na? Ngubani obakhulisile laba na? Bheka, ngasala ngedwa, babekuphi laba na?’ ”


“Manje yizwa lokhu, wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: yimi, akekho omunye; angiyukuhlalisa okomfelokazi, futhi angiyukukwazi ukufelwa ngabantwana.


Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni.


“Ungasho enhliziyweni yakho, uthi: ‘Siyakulazi kanjani izwi uSimakade angalikhulumanga, na?’


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’


Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.


USimakade wathi kuMose: “Ungamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho nabantu bakhe bonke nezwe lakhe. Uyokwenza kuye njengalokhu wenza kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.”


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


futhi nikubonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenza kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu owanilwela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite